Tel: 031 577 7868 - disc@darulihsan.com               google play icon        twitter web      

Value your time

Indlela Yokuziphatha - Yazisa isikhathi sakho

Isikhathi siwumcebo obalulekile womuntu.Kungenzeka lingabi bikho inani elingabekelwa isikhathi. Kwi Surah Al Asr, u Allah ugomela ngaso isikhathi uthi , ‘’Ngifunga ngesikhathi! Ngempela abantu balahlekile.’’ Lelivesi lichaza ukuthi labo abangasazisi isikhathi basesimeni sokulahlekelwa nokubhubhiswa.

I Hadith iyabonisana, ‘’ Mibili imivuzo iningi labantu elikhohlisekayo ngayo- yimpilo enhle kanjalo nesikhathi samahhala.’’ [ Bukhari]

Njengoba siqala unyaka omusha, kumele kuthathelwe amanyathelo ukusebenza kwethu ukuze umphumela ube muhle kukho konke esikwenzayo, nesikhathi sisisebenzise ngobuhlakani.

Lamaphuzu alandelayo kumele asetshenziswe njengomhlahlandlela:

1. Ukuhlela – Ngokuhlela uyasizakala umuntu ukuthi akwazi ukulandelanisa umsebenzi wakhe abuye asebenze ngohlelo. Iskhathi sicazele izidingo zomndeni, imisebenzi ye Deeni kanjalo nokuziphumulela. Kumele nokulingana empilweni yomuntu. Kuyabikwa kwi Hadith : ‘’Abukho ubuhlakani obedlula ukuhlela obunobunyoninco.’’ [Ibn Majah] Hlela umsebenzi wakho, bese ugcina uhlelo lwakho.

2. Gwema ukumosha isikhath – Gwema izenzo ezingenambuyiselo njengokumosha isikhathi usebenzisa izinkundla zokuxhumana.

3. Thatha izibophezelo, kungabi yizethembiso nje – Ngezibophezelo, umsebenzi wenzeka ngokushesha nangokukhulu ukuzibophezela. Uma isthembiso sike sahlehliselwa isikhathi esizayo, lapho-ke ukwenza kusuke kungasenaso isiqinisekiso.

4. Kala ukuthuthuka – Hlala njalo uku thuthukisa ukuphatha isikhathi sakho ubuye unyuse izinga lokusezenzisa kwakho isikhathi ngokuyikho. Iyasibonisa i Hadith : ‘’Lowo onezinsuku ezimmbili ezifanayo [ ezidlulayo ngaphandle kwentuthuko] uphila ngokuzikhohlisa,’’ [Hilyatul Awliya]

Login to post comments

Nisab

01/04/2026 08:00

- Mahr Fathimi: R61 542
- Minimum Mahr: R1 231
- Zakaat Nisab: R24 617
Price/g rate: GoldPriceZ

Contact Us

70 Joyce Road
Durban
Tel: 031 577 786 8
disc@darulihsan.com