[Surah: Shu’ura V: 39]
Bonisanani kwizinto ezinithinta nonke. Uma senifike kwisinqumo esithile, bekani amathemba enu ku-Allah, [Surah A’ale Imraan V: 159]
U-Mprofethi u-Muhammad, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, nakuba wayenolwazi nobuhlakani obujulile, wanikezwa umyalo ngu-Allah Ta’ala ukuthi kuhle ukuthi abonisane nabalandeli bakhe, u-Allah ababusise nokuthula kube kubona bonke, ngohlelo olubizwa ngokuthi i-Mashwarah [ukubonisana].
Uma u-Mphrofethi u-Muhammad, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, owayengongcono ngokwesimilo, ukuziphatha, inhlonipho, ubuhlakani, ukudlula wonke umuntu owake waphila futhi ukudlula bonke abantu abasazophila, kepha wayalwa ngu-Allah ukuthi akathinte noma abonisane nabanye [Mashwarah], cabanga ukuthi kubaluleke kanjani kuthina ukuthi sibonisane ngodaba noma ngezindaba ezisithinta sonke.
Emakhaya amaningi ukuqala kwezinkinga nokuphambana kwemiqondo kudalwa ukungabonisani phakathi kwamalunga omndeni ewonke. Ukubonisana [Mashwarah] kwakha ukuhloniphana kumalunga omndeni ngesizathu sokuthi ilunga nelunga liyabona ukubaluleka kwalo ngesikhathi lithintwa ukuze kutholakale uvo lwalo.
UBUTHAKATHAKA BEPOLITIKI ESUNGULWE ABANTU [Weakness of the Man’s Created Political Systems]
Kucishe ukuthi emhlabeni wonke jikelele kushunyayelwa uhlelo lwe-Democracy, okuthi uma luchazwa kuthiwe uhlelo lokubusa nokubonisana phakathi kwabaholi nabantu abangaphansi kwalobo buholi nokuthi ubuholi kufanele buthathe izinqumo ngokubonisana nabantu, nemiphakathi nesizwe sisonke jikelele.
Kodwa iqiniso elisobala ukuthi akukaze kwenzeke lokhu. Uma singathatha isibonelo ngezwe lethu, i-Ningizimu Afrika, kulokhu kwathi nhlo, ubuholi abukaze bubonisane nabantu nemiphakathi nesizwe, kusukela ngezikhathi zobandlululo [Apartheid] kuze kube kungenwa kwisikhathi esibizwa ngokuthi ‘Intando ye-Ningi’.
Okwenzekayo uzwa kuthiwa sekuphasiswe umthetho othile kodwa kungazange kuboniswane nabantu abakha isizwe, uzwa sekuthiwa lomthetho uphasiswe i-Phalamende’. Akesibheke isibonelo salokhu okulandelayo: Akukho malungu omphakathi owathintwa ngesikhathi kuphasisa umthetho othi ‘owesilisa usengamngana omunye umuntu wesilisa’, ‘owesilisa unelungelo
lokuthatha isibongo somkakhe’. Ayikho into okuthiwa ‘intando yeningi’ amanga abuhlaza lawa.
Uma sibuka ngakolunye uhlangothi sithola uhlelo lwe-Islam. Uhlelo lwe-Islam lugqugquzela ukuthi akube khona ukubonisana [Mushwarah] phakathi kwabaholi kanye nabantu abangaphansi kwalobo buholi. Kungaba izindaba eziphathelene nokholo, izindaba ezimayelana nepolitiki, noma izindaba ezithinta imiphakathi, njalo njalo. U-Allah Subhana wa Ta’ala uthi akube khona ukubonisana [Mashwarah] phakathi kwabantu.
ISIXAZULULO SEZINKINGA EZININGI [A solution to Many Problems]
Ezinye zezinkinga emindenini yethu ziwumphumela wokuhluleka ukumisa usiko lokubonisana [Mashwarah] emakhaya ethu. Ukuzazisa nokuziqhenya kwethu kwenza ukuthi singasiboni isidingo sokubonisana namanye amalunga emindeni yethu. Uma kuziwa kwizinto ezithinta amabhizinisi ethu siyazikhathaza ngokuthola ulwazi olungcono oluphathelene nebhizinisi esikulo. Sincamela ukukhokha ezinkulu izimali, sikhokhela abantu okuthiwa ngama ‘business consultant’ nabanye abantu esithi banemibono engcono.
Kufanele ukuthi usuku nosuku, emva kwezifundo [ta’leem] zasekuseni zasekhaya. Ubaba njengenhloko yekhaya ahlale phansi nomkakhe nezingane abe nokubonisana [Mashwarah] nomndeni wakhe ngezinto zosuku nosuku ezithinta umndeni. Loku kungo kunye kumasiko [sunnah] abalulekile esakhonjiswa wona ngu-Mphrofethi u-Muhammad, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye.
Ngenxa yokubonisana [Mashwarah], kuba khona ukukhululeka ngokomoya kumalungu wonke omndeni futhi lokhu kwandisa ukuhloniphana nokwazisana ningamalungu omndeni. Ukubonisana kuletha ukucaciseleka futhi kubulale ukwakheka kwemiqondo nemicabango engelona iqiniso [misconceptions]. Akuvamile ukuthi kuthatheke izinqumo eziholela kwizinhlekelele uma kube khona ukubonisana [Mashwarah] ngaphambi kokuthatha lezo zinqumo. Kodwa kuyinto evamile ukuthi kube khona izinhlekelele uma kuthathwe isinqumo esakhiwe ngumuntu oyedwa, bangathintwa abanye.
Kunesisho [Hadith] so-Mphrofethi, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, esithi, “Awusoze waba nokuzisola ngokuthatha isinqumo esakhelwe ekubonisaneni nabanye abantu”.
Esinye isisho so-mphrofethi, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, sithi, “U-Allah wehlisela umusa nosizo kwizinqumo ezithathwa emva kokubonisana [Mashwarah]”. Asingalahlekelwa umusa nosizo luka-Allah ngenxa yokuvilapha ukumisa usiko oluhle kangaka esalikhonjiswa ngu-Mphrofethi u-Muhammad, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye.
IMPI YOMSELE [The Battle of the Trench]
Ngesikhathi sempi yase-Khandag u-Mphrofethi u-Muhammad, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, wabonisana nabalandeli bakhe ngokubuza ukuthi ini engenziwa ukuvikela i-Madinah Munawwarah kuhlaselo lwamabutho ama-Quraysh okwasekusele izinsukwana ezimbalwa ukuthi atheleke kwidolobha lase Madinah. Abalandeli bo-Mprofethi ngokwahlukana kwabo baqhamuka nezincomo ezahlukahlukene.
Ekugcineni u-Mprofethi, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, wamukela isincomo nombono ka-Hadhrat Salmaan Faarsi, u-Allah ambusise futhi athokoze ngaye, owaqhamuka nombono wokuthi akumbiwe umsele omude, ukujula kwawo kuzolingana nobude bendoda, uzungeze idolobha lase-Madinah. Lomqondo onobuchule obungaka awuzange ufike kwabanye babalandeli bo-Mphrofethi, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye. Kodwa ngenxa ye-Mashwarah [ukubonisana], u-Allah Subhana wa Ta’ala wehlisela usizo lwakhe wavikela idolobha lase-Madinah Munawwarah nama-Muslim kwi adhaab eyayiyofika ngama-Quraysh nabasizi [allies] bama-Quraysh.
Kwesinye isikhathi isixazululo senkinga singangaqhamuki kubantu abadala kodwa siqhamuke nomfana omncane ekhaya. Ngenxa ye-Mashwarah, lokhu kunikeza ithuba lokuthi wonke umuntu aveze uvo lwakhe ngaleyo ndlela kubhekwa yonke imiqondo namacebo angaqhamuka nabantu okuxazulula inkinga ngaleso sikhathi.
Kwesinye isikhathi ungathola ukuthi nenkinga engatheni kangako, uthola ukuthi ayitholi ukuxazululeka ngenxa yokuthi akwenziwanga kubonisana [Mashwarah]. Akesibheke izibonelo ezilandelayo:
1. Ngesikhathi kuvalwa Izikole abantu abaningi balungiselela ukuya emaholidini. Ngokuhlala ndawonye kwenziwe i-Mashwarah, umndeni
uyakwazi ukwenza uhlelo lokwenza ama-Salaah nsuku zonke, isikhathi sokwenza umsebenzi wesikole, nesikhathi sokuphumula, njalo njalo. I-Mashwarah [ukubonisana] kwakha ithuba lokuthi kutholakale ukuthi umuntu nomuntu emndenini yena yini ayicabangayo noma ayihlelile ngalamaholidi. I-Mashwarah yenza ukuthi yonke imiqondo nezinhlelo zabantu emndenini zibe setafuleni. Lokhu kuvimba ukuthi kungabikhona ukuxabana, ukuhilizisana ngamazwi emva kwesikhathi ngenxa yokuthi ilowo nalowo ucabanga ukwenza lokho okusemqondweni wakhe.
2. Omama emakhaya bahlale benenselelo yokuthi bazophekani ngosuku olulandelayo, bephekela imindeni yabo. Kodwa uma sinokubonisana [Mashwarah] nsuku zonke ngalokho okuzophekwa ekhaya akubikhona nkinga. Umndeni nomndeni ungazenzela uhlelo lwesonto noma lenyanga lalokho okuzophekwa usuku nosuku. Abantu abadala kufanele benze abantwana babo bajwayele ukudla kwalolonke uhlobo futhi bakhuzwe ukukhetha izinhlobo zokudla. Abantu abadala kufanele bajwayeze abantwana ukuthi ngolunye usuku kuzodliwa ukudla okuvamile, ngolunye usuku kudliwe izibiliboco, ngolunye usuku kudliwe ukudla kwezinga eliphezulu.
3. Isunnah ye-Mashwarah, njengalokho sayikhonjiswa u-Mprofethi u-Muhammad, u-Allah ambusise nokuthula kube kuye, ithinta zonke izinhlaka zokuphila kwabantu. Umndeni kufanele ube nokubonisana uwonke ngezinto ezithile, ubuholi bemiphakathi kufanele bube nokubonisana nabantu abakhele lowo mphakathi, uthishanhloko wesikole kufanele abe nokubonisana phakathi kwakhe nothisha abangaphansi kwakhe, uthisha kufanele abe nokubonisana nabafundi abangaphansi kwakhe, u-Ndunankulu wesifundazwe kufanele abe nokubonisana nabaphathiswa bakhe noma asebenza nabo, umphathi wenkampani kufanele abe nokubonisana nabasebenzi bakhe, ubuholi bezwe kufanele bube nokubonisana nezakhamuzi zezwe.
4. Uma isintu sonke singangena kulolusiko lokubonisana [Mashwarah] umhlaba ungaba indawo engcono kakhulu. Kunezimpi esezadlula nenkumbula yemiphefumulo kungenasidingo ngenxa yokuthi abaholi babengaboni ngaso linye bangabi nacho ukuzinikeza isikhathi sokuthi akuhlalwe phansi kubonakale ukuthi ikuphi lapho kuphambana khona imibono [Mashwarah] nanokuthi lokho kuphambana kungaxazululwa kanjani.
UKUQEQESHA ABANTWANA BETHU [Training our Children]
Nakuba kungumsebenzi kababa ukwengamela izindaba zomndeni futhi zonke iznqumo zilele phezu kwakhe, kodwa lokhu akuchazi ukuthi isidingo se-Mashwarah asikho. Ukwenziwa kwe-Mashwarah [ukubonisana] nsuku zonke kunikeza ithuba ezinganeni ukuthi zikhule zazi ukuthi ukuthatha isinqumo esakhelwe kumbono wakho akuyona into elungile. Kufanele uma ungumuntu uzijwayeze ukubonisana nabanye abantu kuqala ngaphambi kokuthi wenze isinqumo noma isinyathelo esithile. Ngisho kuthiwa udaba oluthinta wena kuphela kufanele uma ungumuntu uthinte abanye abantu kuqala ngoba bangase baqhamuke nombono ongcono wokwenza lokho obuzokwenza uwedwa. Ngokumisa usiko lwe-Mashwarah ekhaya loku kwenza izingane zifunde ukuthi zingathathi isinqumo noma isinyathelo zingakabonisani nabantu abadala.
Ukungasungulwa kwesiko lwe-Mashwarah ekhaya kwenza ukuthi abantwana baye kubangane babo noma ontanga babo ngemibono abacabanga ukuthi ingcono. Abangane elinye iqulu labantu abangazi lutho elidukisayo. Abazali abaqikelelayo abavumi ukuthi izingane zabo zibe semshungwini wezingane okungaziwa ukuthi zikhuliswa kumakhaya anjani.
ISIPHETHO [Conclusion]
U-Allah Subhana wa Ta’ala uthi kwi-Kur’an, “Thintanani noma bonisanani kwizindaba ezinithintayo, uma senithathe isinqumo, bekani ithemba lenu ku-Allah, ngoba u-Allah uyabathanda labo ababeka ithemba labo ku-Allah”. Ngokumisa kwethu usiko lwe-Mashwarah emakhaya ethu lokhu kwenza ukuthi umusa ka-Allah nosizo lwakhe kufike kuthina kalula. Ukumiswa kwe-Mashwarah kuvikela futhi kuhlenga ikhaya ukuthi lingabi ikhaya elinokuphakama kwamazwi nokuxabana umphumela wakho ongagcina sekuba khona nezihlukaniso phakathi kukababa nomama. Ukuhlukana kuka baba nomama kusho ukubhidlika kwekhaya nomndeni. Ukubhidlika kwekhaya nomndeni kuholela ekutheni izingane zigcine sezingondingasithebeni. Izingane ezingondingasithebeni ziba uvanzi. Izingane ezinguvanzi ziba inkinga emphakathini ngendlela eziningi. Sicela u-Allah asivikele kulenhlekelele, Ameen.
